IMFIHLO PART 8

Imfihlo 8 "Ngicela ukubuza lokhu esikwenzeyo kuzokwenzeka kuze kube yinini? Mhlampe bewufuna kuzwa I taste bese uyadlula nje, ngice...


Imfihlo 8
"Ngicela ukubuza lokhu esikwenzeyo kuzokwenzeka kuze kube yinini? Mhlampe bewufuna kuzwa I taste bese uyadlula nje, ngicela ungitshene iqiniso, ngingalibali ukulokhu ngizikhohlisa"
Athule uZulu engaphenduli, ngimbuke gqo ezinhlavini zamehlo. Ngifuna ukumuzwa kahle uzoqamba amanga athini.
"Eh empeleni ngicabanga ukuthi kufanele siyeke mase ukhulelwe, angiyithandi lento yokulala noNkosikazi wendodana yam. Ngiyakwenza ngoba angithandi siphinde silahlekelwe omunye umakoti olunge njenganawe"
"Engathi uyadlala uma ungayothandi uyenza kanjani? yabona Babah ngithanda wazi kuzomele wenze isikhathi ke ozongithokozisa ngaso nami, angithi uwena oqale ukungizwisa? Kuzomele ukwazi ke ukunginakekela nami, ngeke ungijwayeze into bese ungilahla kanjalo"
"Kodwa MaNcube omuhle awuboni ukuthi kuzogcina kuvelelile uma singabhekile?"
"Angithi ke kuzomel senze isiqiniseko asibanjwa, angidingi isikhathi sonke nawe. Kodwa nje usuku lube lunye enyangeni okungenani, ngike ngizizwe njengomuntu wesfazane nami. Ngingafa nini nje ngimelene nomuntu ovele agibele engenzanga lutho, uyothi uyabona useqedile wena ungakezwa lutho. Kanti madoda ninjani, aniwafundisi amadodana enu?"
"Ay asazi ke lapho, kuhle silungele ukuhamba manje. Ziyagijima izikhathi kungaze kusolise ungasabuyi emsebenzini."
"kulungile kodwa angithi sazokwenza kokugcina?"
Angaphenduli kodwa avele angene kumina ngenkotha, ngimvumele angibele ngaphezulu. Akatatazeli uZulu umcabuzo wakhe uyadonsa elokhu eshitshanisa indlela amunca ngayo izindebe zami, ngizithole sengiyivule yonke ngezandla ngiphuthalaze uphondo lalungakhona. Ngilubambe ngilufake kancane ngekhanda, bese ngiyamdonsa alubusheke yena. Mmh lushelele lonke madoda, lungene lothinta enevaneva langingazi khona, kuvele kube engathi ngingakhuluma isingisi. Bese kuthiwe kumele ngimyeke nkosiyami, ngathi engenza kamnandi kanje :( . Ngiyazisa kungani uVusi ehluleka ukwenza kanje, isilingo phela lesi :( .
Sesiqedile noZulu ngiqale kwi shower, bese ngihambe kuqala. Endleleni ngincuma ngedwa ngiyazi noma uVusi angenzani ngizobe Ngiryt mina. Ngifike uVusi uyazulazula ebaleni, ngibone kahle ukuthi kukhona okungahambi kahle. Kuzomele ngicabange ngisheshe, ngifake imoto kwi parking. Mangithi ngibheka ifone ngihlangane nenqwaba yama missed calls, aphuma kuVusi namanye aphuma kuDudu umngani wami emsebenzini. Ngizilungise bese ngiyaphuma emotweni.
"MaNcube uphumaphi? Kade ngisemsebenzini wakho kwathiwa usheshe wahamba ngabo 12:00, manje koshaya 16:30 yikhona ufika." Akadiniwe uyathunya uVusimuzi.
"Ngicela singene endlini singabukwa abantu" ngisho ngizama ukwenza isikhathi sokucabanga.
Ngingene endlini, angilandele uVusi ngiyongena ekamelweni. Ngiyabona kuthanda ukungishubela manje, kodwa icebo lizozakha. Angene uVusi avale isicabha, ngihlale embhedeni.
"Ngicela uhlale phansi Mageba omuhle"
"Thabisile ungalinge ungenze isilima, chaza uphumaphi. Ungalokhu ungitshena ukuthi ngenzeni"
Selokhu sangena emshadweni noVusi ngiyaqala ukumbona edinwe ngalendlela, uma ngabhekile la ngingaze ngizithole sengishayiwe.
"Bengingazizwa kahle emini, ngabona kungcono ngiye kudokotela. Sthandwa sami we are having a baby, ngikhulelwe Mageba omuhle." Ngisho ngiphulula isisu.
"Ngempela!!!" Esho ehlisa umoya esondela kumina. 
"Ngempela Sthandwa sami, kodwa kusa early kakhulu angazi sekunesikhathi esingakanani. Udokotela uthe sizokwazi emasontweni ambalwa azayo"
Avele athambe azohlala eduze kwami, angazi noma ukuba paranoid noma yini. Kodwa ngilindele ukuthi ajabule kunalokho kuvele kube engathi udidekile, noma enza engathi uyajabula. Kungenzeka yini ukuthi uyazi akuyona ingane yakhe, oh well akusenani ngoba nakhu engasavuthi kuphelile.
"Ngisuke kudokotela ngahamba ngibuka imizi edayisayo, ngicabanga ukuthi singaqala kahle ukuba nomndeni wethu sesinomuzi esizohlala kuwona. Ngeke sohlale nabazali bakho impilo yethu yonke."
"Uqinisile lapho nkosikazi, kuzofanele sithole umuzi wethu nathi esizokhululeka kuwona. Ngiyabonga ukwazile ukuhlala nabazali bami iminyaka embili, omakoti abaningi abasafuni ukukotiza. Bathi bangashada bavele bafune eyabo imizi"
"Phela kuya ngokuthi wakhuliswa kanjani sthandwa sami, mina ngiyazi ikhaya lami lokuqala yilona leli. Kodwa ke nabantwana bethu bayalidinga ikhaya labo"
"Kulungile ke Nkosikazi awuwufune umuzi owuthandayo, ungazise ke uma sewuwutholie ukuze sozowubona sobabili."
"Nginescelo Sthandwa ungaqqale ubaxoxele abazali bakho ngokuthi sengikhulelwe, ngithanda kube yimfihlo okwamanje. Ngisenovalo kancane angithandi sibanyusele amathemba kanti udokotela wenze iphutha."
"Ayikho inkinga kodwa angazi ungamfihlela kuze kube yinini uMah ngoba uyamazi ayikho into angayazi eyenzeka layikhaya"
Ngithule ngibheke phansi, ngenhliziyo ngiyasho ukuthi akazi lutho nje ngami noZulu.

COMMENTS

Jina

ENGLISH STORIES,3,IMFIHLO,5,IMFIHLO PART 1,1,IMFIHLO PART 2,1,IMFIHLO PART 3,1,IMFIHLO PART 4,1,IMFIHLO PART 5,1,ZULU STORIES,10,
ltr
item
stori 24: IMFIHLO PART 8
IMFIHLO PART 8
https://4.bp.blogspot.com/-NdrYkMbuLe4/WRf1_Z70ReI/AAAAAAAAAZg/TUQ1I9Ys03E9-ibHiPBt-Am0ncE1LSuRwCLcB/s640/B8.PNG
https://4.bp.blogspot.com/-NdrYkMbuLe4/WRf1_Z70ReI/AAAAAAAAAZg/TUQ1I9Ys03E9-ibHiPBt-Am0ncE1LSuRwCLcB/s72-c/B8.PNG
stori 24
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-8.html
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-8.html
true
4610894638462518399
UTF-8
Loaded All Posts Not found any posts VIEW ALL Readmore Reply Cancel reply Delete By Home PAGES POSTS View All RECOMMENDED FOR YOU LABEL ARCHIVE SEARCH ALL POSTS Not found any post match with your request Back Home Sunday Monday Tuesday Wednesday Thursday Friday Saturday Sun Mon Tue Wed Thu Fri Sat January February March April May June July August September October November December Jan Feb Mar Apr May Jun Jul Aug Sep Oct Nov Dec just now 1 minute ago $$1$$ minutes ago 1 hour ago $$1$$ hours ago Yesterday $$1$$ days ago $$1$$ weeks ago more than 5 weeks ago Followers Follow THIS CONTENT IS PREMIUM Please share to unlock Copy All Code Select All Code All codes were copied to your clipboard Can not copy the codes / texts, please press [CTRL]+[C] (or CMD+C with Mac) to copy