IMFIHLO PART 4

Imfihlo 4 Ngithuke kusakazeke ipulati phansi, ukuzwa izwi lakhe kuvele kube engathi uzobona ukuthi ngimudla izithende. "Hah kodwa ...


Imfihlo 4
Ngithuke kusakazeke ipulati phansi, ukuzwa izwi lakhe kuvele kube engathi uzobona ukuthi ngimudla izithende.
"Hah kodwa Koti kwenzenjani uthuswa yini"
"Uxolo Mah kusho ukuthi izandla zamj ezishelelayo" ngisho ngiphuthuma umshanelo.
"ngiyezwa Koti, ngisayogeza ngicela ungilungisele i-lunch box, namhlanje ngizosheshe ngihambe"
"Ngizokwenza kanjalo" ngitatazela, lapho uvalo lungibelesele.
UMaKhumalo yisifundiswa uwuThishanhloko esikoleni samabanga aphansi, kanti uZulu yena unenkampani eyakha izindlu. Mina ngisebenza ngaphakathi eposini, akufani kona nami ngiyawathola lawomasentshana uma uqhathanisa nomkhwenyana wami owunjiniyela.
"MaMlotshwa injani impilo namhlanje" kubuza uZulu eyohlala etafuleni.
"Ngiyaphila Ninjani nina?"
"hhayi siyatotoba nathi, ukukhala akusizi"
Ngimhambisele ukudla, ngimbuke ngesikhathi edla engathi lempilo ayizuba lula. Kuzomele ngikhulume noVusi asheshe athenge umuzi, lento yokuhlala noZulu noMaKhumalo Yi recipe for disaster. Ngiphambane noMaKhumalo esephuma e-Bathroom mina ngingena khona, ngiqede esehambile kuthi dwi.
Ziqhubeke insuku silokhu sishalazelana noZulu, sixoxa uma sisendaweni esingabonwa muntu Kuphela. Ngishawa uvalo njengoba sekuwu Friday nje, uyeza uVusimuzi. Mhlampe uzozwa ukuthi kukhona isipuni esisike sagoqoza kulelibhodwe lakhe, ngingenzani ke ngoba akubuyelwa emumva kungengqigqo.
"Ngiyasaba Mageba, ngenzenjani uma uVusi ezwa ukuthi kulendlela akusahambi yena kuphela?" Ngibuza kuZulu ocingweni.
"Khululeka ngeke ube nalutho, uma uqaphela ukuthi uyigeze ngamanzi abandayo nje kuphela ungafaki lutho olunye" 
"ushi kalula ngoba phela akuwena okumele abhekane naye, ngizombhekelwa ubani njengoba emqondweni wami kungcwele isthombe sakho"
"Focus MaNcube ungalenzi iphutha ukhumbule, esikwenzayo kuyimfihlo yethu sobabili. Ungalinge uyithi vu komunye umuntu, ungachitheka lomuzi wakho esithi siyawuvusa"
"Ngiyeza Mageba bengicela ungilande emsebenzini namhlanje imoto yami inenkinga"
"Ayikho inkinga ngizofika lapho ngehora lesihlanu"
"Ngiyabonga"
Ngiziqambela amanga nje, imoto yami ayinankinga kodwa ngifuna ukuthola isikhathi noZulu. Angiyazi lento ngempela noma impene noma yini, ngiyahluleka ukuzilawula. Kumele ngizinelise namhlanje noZulu, nge-weekend ngeke ngisithole isikhathi ngihleli noVusi. Uyobe eshaye nini ke uMonday aphinde ahambe uVusi, umhlola lo angisajabuleli nokufika kwaMkhwenyana wami sengijahe ukuthi afike ahambe, ingishayisa namahloni lento.
Kuvele kube engathi ziyagijima izikhathi, ngibone sekuyoshaya ihora lesihlanu. Kuyacaca lezikhathi zijahe kufike uVusi, mxm akusenani uzofika ahambe futhi. Kushaye isikhathi sokuphuma, ngifike uselinde ngaphandle uZulu. Itotobe imoto sihamba sincokola size sofika ekhaya, aphele amancoko sibuyele ekubeni uMakoti wendodana noBabezala.
Usheshe wabuya uMaKhumalo namhlane njengoba kuyi Friday, kujwayele ukuba usuku apheka ngalo. Uzwa ngephunga elimnandi usahamba egcekeni, indlela apheka kamnandi ngayo. Kuyamsiza ukuba yisifundiswa ngoba yonke into uyenza ngokufunda, nakho ukupheka wakuyela esikoleni. Akapheki noma yini, Mgazi kahle angiliboni elidlalayo uma ngiqhathaniswa naye, phela upheka lokudla okunama recipe okujwayele ukukhishwa emabhukwini ama recipe. Namhlanje isidlo santambama singehora lesikhombisa kusihlwa.
Angene uVusi sesilungela ukudla, sonke lesikhathi ubexoxa noMawakhe. UVusi uyazithandela ukudla okuphekwe ekhaya, kodwa uthanda okuphekwe uMawakhe kakhulu. Angifuni ukuqamba amanga akekho ongakuthandi, akekho owenza iphutha ngolwesihlanu senza isiqiniseko asibi nandlela ukuze sithokozele izibiliboco eziphekwa uMaKhumalo.
Sesihleli etafuleni uZulu uqonden noMaKhumalo, mina ngibhekene noVusi olokhu emoyizela engathi kukhona izindaba ezimnandi aziphethe. Ingiphathe kabi lento, kube nale-feeling engingayiqondi. Kodwa ngithule sidle size siqede, baqale ukuxoxa mina angizizwa nje kahle.
"Nginiphathele izindaba ezimnandi, sengizosebenza ngihlala lekhaya. Umsebenzi wami sewusondele le Durban, asisekho isidingo sokuhlala kude" esho emamatheka uVusi.
Lapho uyajabula mina kuthi angivele ngisakazeke phansi, yinto engizoyithini ke manje. NoZulu uyajabula kanti yimina kuphela obona ukuthi kuzoxabana ubendle manje.
"Hau ngaze ngajabula, awusangihlebeli nakancane nje" ngisho ngiphoqa ukuncuma.
"Bekuyi surprise kusasa kuzofika itruck ebuyisa impahla zami"
"Kanti sewubuyile unomphela kwanamhlanje ?" Ngizithuke sengibuzile. 
"Yebo kunjalo Nkosikazi"


COMMENTS

Jina

ENGLISH STORIES,3,IMFIHLO,5,IMFIHLO PART 1,1,IMFIHLO PART 2,1,IMFIHLO PART 3,1,IMFIHLO PART 4,1,IMFIHLO PART 5,1,ZULU STORIES,10,
ltr
item
stori 24: IMFIHLO PART 4
IMFIHLO PART 4
https://2.bp.blogspot.com/-1l8F83SORKI/WRbz5aOCrlI/AAAAAAAAAYs/1HAq7EAKbgA1fCJURbVjdD-qkC8bS5k1QCLcB/s640/Capture%2Bnnn.jpg
https://2.bp.blogspot.com/-1l8F83SORKI/WRbz5aOCrlI/AAAAAAAAAYs/1HAq7EAKbgA1fCJURbVjdD-qkC8bS5k1QCLcB/s72-c/Capture%2Bnnn.jpg
stori 24
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-4.html
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-4.html
true
4610894638462518399
UTF-8
Loaded All Posts Not found any posts VIEW ALL Readmore Reply Cancel reply Delete By Home PAGES POSTS View All RECOMMENDED FOR YOU LABEL ARCHIVE SEARCH ALL POSTS Not found any post match with your request Back Home Sunday Monday Tuesday Wednesday Thursday Friday Saturday Sun Mon Tue Wed Thu Fri Sat January February March April May June July August September October November December Jan Feb Mar Apr May Jun Jul Aug Sep Oct Nov Dec just now 1 minute ago $$1$$ minutes ago 1 hour ago $$1$$ hours ago Yesterday $$1$$ days ago $$1$$ weeks ago more than 5 weeks ago Followers Follow THIS CONTENT IS PREMIUM Please share to unlock Copy All Code Select All Code All codes were copied to your clipboard Can not copy the codes / texts, please press [CTRL]+[C] (or CMD+C with Mac) to copy