Imfihlo 5 Ngalowomzuzu kube engathi ngingathi vuleka mhlaba ngingene. Ngihlale ngilokhu ngizihlekisa ubala, bencokola njengomndeni. Ngith...
Imfihlo 5
Ngalowomzuzu kube engathi ngingathi vuleka mhlaba ngingene. Ngihlale ngilokhu ngizihlekisa ubala, bencokola njengomndeni. Ngithi ngisuka ngikhale ngekhanda, ngicele ukolala.
Ngiqale e-bathroom ngivulele amanzi abandayo, ngigeze lekuku yami ekade edlakazwa uZulu. Akubuzwa phela namhlanje uVusi naye uzofuna ukudla kwakhe, ngishawa uvalo mengase inkukhu iwusole umgqakazo kambe ngingenzenjani. Ngibuyele ekamelweni ngifike ngingene embhedeni, akukho nokulala umqondo uyazulazula. Noma sengicabanga isu engingase ngincishe uVusi ngalo kodwa ngibuye ngikhumbule kufanele ngimnike ngempela ukuze angasoli lutho makungase kuvele ukuthi sengikhulelwe. Manje ixhala lami ukuthi mhlampe kukhona umehluko azowuzwa bese kusuka umsindo.
"Kungabe sewuzumekile sthandwa sami bengikukhumbule kabi" esho ephenya ingubo yokulala, angimuzwa noma engane indlela umqondo wami osangene ngayo.
"Selinjani ikhanda kodwa?" Ebuza engibeka isandla esiphongweni.
"Ngiphuze amaphili selidambile manje" ngihubhuza uhubhu lukabhejane.
"Kuhl lokho awuthi ngithi manqa kancane" engiphendula.
Siye siqabulane, ngizincenge ngimqabule ngendlela ayijwayele. Kuze kube uyagibela phezulu, enze akwenzayo ngimvulele aze aqede. Yalazi ibhadi kuvele kungathi diki nje, lokhu athi uyakwenza ngivele ngingabe ngisezwa lutho. Kanti kunjani ukufeba nkosiyami, nakhu sengingasayizwa indoda yomshado. Ngizomisa kanjani ngoba phela mina sengifuna uMageba, ngivuke ngiye ebathroom engathi ngiyochama.
Sengise passage ngizisole sengizwa umsindo oqhuma phezulu ekamelweni laMaKhumalo, ungafunga kulwa ingwe nengonyama ubugungqugungqu. Mxm ngikhohlwe nokuya ebathroom ngibuyele ekamelweni, dammit ngisaphiswe umchamo nje. Ngiphnde ngiphume ngiyochama manje, hhayi engathi inhlalo isazoba nzima kakhulu kumina.
"Ngiyakuthanda nkosikazi wami omuhle, ngigcine nini nje ukutshena" uVusimuzi bandla akazi kwakuthi kwenzekalani.
"Ngiyakuthanda nami Mageba wami" ngisho emqondweni ngicabanga uZulu, cha yena angimthandi angifuni ukuqamba amanga kodwa into engihlanyisayo indlela enza ngayo ucansi. Ngiyamthanda yena uVusi, noma sengididiswa yilobufebe obungihlasele.
Ekhaya bangifundisa kahle bathi mangifika emzini kuthakathwa, kumele ngenze okwenziwayo. Manje ke ngingaphika kanjani mase kufanele ngilale noBabezala ukuvusa lomuzi? Into engayiganela vele ukuzokwakha umuzi wakwaZulu, ukuthi ngiwakha kanjani akukh emandleni ami.
Ngivuke ekuseni ngicanuzelelwa inhliziyo, kungenzeka uMageba usevele wangimithisa. Kungaba kuhle phela njengoba noVusi esebuyile, kodwa kuzomele ngiyifihle lento bangaboni ukuze mase kuvela kungabikhona izinsolo. Kuzomele ngenze icebo lokukhuluma noZulu, angeke ngilunge ukuhlala ngilalela yena noNkosikazi wakhe bebanga umsindo wocansi. Kuzomele angicabangele phela njengomuntu ozobe ethwele ingane yakhe, nginenhliziyo nami ngiyathunukala....

COMMENTS