Imfihlo!!! Igama lami ngiwuThabie Ncube, ngiwumfazi waVusimuzi Zulu. Sineminyaka embili sishadile, ngihlala emuzini wabazali bakhe. U...
Imfihlo!!!
Igama lami ngiwuThabie Ncube, ngiwumfazi waVusimuzi Zulu. Sineminyaka embili sishadile, ngihlala emuzini wabazali bakhe. UBabezala wami uZulu kanye noNkosikazi wakhe uMaKhumalo, izingane zabo ezinye zihlala kuma boarding school.
Umuzi omkhulu ngempela lo njengoba noVusi ehlala emsebenzini, kodwa sengajwayela ukuhlala laphekhaya. Sengilungela ukulala ekamelweni lami, ngigqoke i-nightdress elula emfishanyana eveza izithende zezinqa. Kakade ngilala ngedwa ngizishayelwe umoya njengoba umkhwenyana wami egcina ukubuya ngama weekends kuphela.
"Qo qo Koti" kusho uBabezala wami.
Agqogqoze avele angene ngingaphenduli, ngisamile phambi kwe dressing table, amathanga azihlalele obala ngigobile ngigcoba into yokuthambisa. Ngithuke ngiphuthume ithawula ngizigoqe ngalo, angabi nandaba uBabezala wami angene engathi akukho lutho oluwrong.
"Aibo Baba waze wangithusa ungena ngingagqikile" ngishawa amahloni.
"ungathuki ndodakazi, bengithanda sixoxe sondela uhlale phansi sibonisane" esho ehlala embhedeni.
"Cha Baba ungakhuluma, kodwa yini lephuthuma kangaka ingasakhulunywa ekuseni sekuvuke noMamezala wami" ngibuza ngokudideka.
"Kunenkinga engakwazi ukuxazululwa yimina nawe kuphela, engabadingi abanye abantu. Ngicabanga uyamthanda undodana wami, futhi uyathanda nokushadela layikhaya. Inkinga umfana wami sekucacile akanayo inzalo, njengoba wazi useke waganwa kwaze kwaba kathathu behamba abafazi ngoba bengamzaleli ingane. Uma kuqhubeka kanje nawe uzobuyela ekhaya, sekuphele iminyaka emibili nishadile. Kodwa anikabatholi abantwana"
"Ngiyakuzwa Baba kodwa angiqondi ufuna ukungitshenani, ngicela ungicacisela"
"Ungadideki ngane yami, kodwa mina Ngiyakuthanda uyahlinipha futhi uyabonakala waphuma kini uyaliwe. Lomuzi wakho singawuvusa uma singasebenza ngokubambisana"
"Ukubambisana kanjani Baba, uma kuwukuthi uVusimuzi akabatholi abantwana?"
"uVusi yindodana yami, esingakwenza ukuthi ..."

Azibambe angaqhubeki nokuchaza, ngizifundele kwezami ukuthi ufuna ukuthini. Ngithule ngimbuke ehleli embhedeni, cha yena akagugile futhi umzimba wakhe wakheke kahle. Kodwa angayicabanga kanjani lento yokutho ngingalala naye ukuze ngikhohlise uVusimuzi, akhulise abantwana abazalwa uBabawakhe. Bangathini nje kodwa abantwa sebeyizwa lendaba, bangathini ekhaya sebezwa ukuthi ngafike emzini ngalala noBabezala.
Ngiyazikhumbula iziyalo engayalwa ngazo, kuthiwa uma ngifik emuzi bethakathaka ngofike ngiphakele nezimfene zakhona ngenze yonke imikhuba eyenziwayo. Kodwa lokhu angikaze ngikucabange, yebo uVusimuzi uyayidinga indlalifa kodwa ngeke kulunge ngalendlela.
"awuyicabange kahle lendaba Koti, ngiyamazi uVusi yindodana yami. Ngeke avume makuthiwa inkinga ikuyena, yikho nje esexoshe abafazi abathathu ngaphambi kwakho. Ngicabanga ukuthi uyabonwa uthandiwe kangakanani laphekhaya, usuzitholele ikhaya isibili. Ungizwe kahle Makoti awuphoqiwe ukwenza lento, ngiyazi nami ukuthi iyihlazo kodwa angiyiboni enye indlela engingagcina ngayo isithunzi salomuzi wakoMageba." Asho aqede asukume.
"Ngiyakuzwa Baba kodwa ngiyesaba, ngicela unginike ithuba mhlampe ngisazobathola abantwana bendodana yakho"
Aphume ahambe ngisale ngididekile, ngihlale embhedeni ngicabanga. Masengiyicabanga lento abeyisho kona iyoqiniso, uVusimuzi usesondele ku-40 kodwa akanayo ingane. Sihlala silala singazivikeli futhi angisebenzisi lutho ukuhlela uMndeni, siyangishiya nami isikhathi kungenzeka ngigcine sengimdala kakhulu ngingabatholi abantwana. Kambe yinto engizoyithini le, impicabadala uqobolwayo phela le. ..
COMMENTS