IMFIHLO PART 6

Imfihlo 6 Nge lunch break ngiye ngaphuma ngayothenga i-pregnancy test, lento yokungazi ingiphatha kabi. Kulezinsuku angizizwa nje kahle ...


Imfihlo 6
Nge lunch break ngiye ngaphuma ngayothenga i-pregnancy test, lento yokungazi ingiphatha kabi. Kulezinsuku angizizwa nje kahle ngibuye ngicanuzelelwe inhliziyo esikhaleni, kanti akunqeni ukuthi kube khona amaphUnga asengicika ngendlela engathi ngingabuyisa.
Manje ngihleli endlini encane, ngilinde ukubona imphumela. Neskhathi sesihamba kancane, ngilokhu ngilindile. Ukube kuya ngami ngabe kuhle uma ngingakakhulelwa kodwa mase ngikhulelwe kungaba yinto enhle. Ngiyibheke imphumela kwi pregnancy test, sengikhulelwe ngempela. Uma ngingamtshena uZulu, kungenzeka athi ngeke sisaqhubeka nokulala ngoba umsebenzi wakhe sewufezekile. Mina ngisafuna aqhubeke nje, hhayi ngeke kuzomele ngingamtsheni.
"Bbe ngabe Usaryt lapho?" Kubuza uVusi.
"Ya Ngiryt sengizophuma"
"okey bengise ngithi kukhona inkinga phela kade uzivalele lapho"
Ngigoqe pregnancy test nge tissue bese ngiphuma nayo ngoyilahla ku-dustbin. Angikholwa ngempela sengizoba uMama wengane yaBabezala wami, izinto zimana ukwenzeka.
Uma kukhona into eyimfihlo eyaziwa abantu abathile, kunalomuzwa omnandi wokubuka laba abangazi lutho. Makuhlangana amehlo sinoZulu ngivele ngincume kancane, naye acishe iso. Ngihleke kancane uMaKhumalo noVusi ababoni lutho, njengoba sihleli etafuleni sidla nje. Kufike ukukhohlakala kumina, ngamabomu kuvele kuwe isipuni singene ngaphansi kwetafula.
Ngingene ngaphansi kwetafula ngisibheka, empilweni engikwenzayo okunye. Ngiqonde kuZulu ngivule uziphu ngikhiphe uphondo lwakhe, ngilufake emlomeni. Ngimuzwe ekhehlela kancane, ngimyeke bese ngicosha isipuni. Ngiqhubeke nokudla, ngilokhu ngijeqeza uZulu, ngiyambona ukube kuya ngaye ngabe usevele wangiqeda ngesende khona lakwi dinner table. Siqede ukudla ngiqoqe izitsha ngiyozigeza ekhishini, kusenjalo kungene uZulu ngisasekhishini..
"MaNcube ungenzani kodwa uyabona ukuthi..." Ngimngene emlonyeni.
"Kusasa yimina nawe kumele sikhulume ekuseni, ngizokufonela"
Ahleke kancane esebuyela e dinning room, ngiqede ukugeza izitsha ngibuyele kohlala nabo. Siyazixoxela nje kumnandi, kumina kumnandi kakhulu ngoba ngicabanga okuzobe kwenzeka kusasa. Mmmh I can't wait :) . Sisuke lapho sesihlukana ngokuyolala, mina ngilale ngingalele ngijahe kuse.
Nangempela kuse ekuseni ngokuhlukana umuntu uya lakesebenza khona, mangifika emsebenzini ngifonele uZulu ngimazise ukuthi ngizosebenza half day namhlanje ngicela ukumbona. Ngimtshene sizohlangana kuphi kanjani, nangempela sihlangane ke endaweni eyi public park. Ngimchazele ukuthi ngimkhumbule kanjani futhi mina ngeke ngikwazi ukuthi ngimvumele angiziswe kanye bese engishiya kanjalo.
"MaNcube uyazizwa kodwa? Manje sewudlala ngegeja kuziliwe, esikwenzayo sikwenza ngoba sifuna uthole umtwana... Ngiyavuma nami ngiyakukhumbula kodwa ngeke sakuvumela lokho"
"why singeke sakuvumela? Sesiphule yonke imithetho sambatha sobabili, manje sekuhluke ngani?"
"Ngiyakuzwa asike siyicabange kahle lendaba, akumelanga senze kuvuke izinsolo. Akumelanga silokhu sihlangana kanje, abantu bayabona. Kunendlu engizokunika ukhiye wayo, uma ufuna sibonane sizohlanganela kuyona"
"ngingakujabulela lokho ngoba namhlanje ngiyakudinga ngempela"
"Ngiyabona kodwa namhlanje ngeke kulunge, sizohlela olunye usuku. Kukhona la ekumele ngiye khona isikhathi enginaso sincane kakhulu"
"Ayikho inkinga ke"
Ngiphume emotweni yaZulu ngongena kweyami, angazi ngicikwa yini kodwa sengivele ngaba nenhliziyo encane nje esikhaleni. Ngiyidumise imoto ngiyisuse ishingishane, ngingabe ngisabuyela emsebenzini, nginikele emuzini waZulu. Ngifike akukho muntu ngivele ngiyozilalela ekamelweni, mangiphaphama ngivuswa abantu abaxoxayo engathi bayaxabana.
"Kanti Mah akumele ngijabule mina?"
"Ngoba nakhu angikabatholi abantwana sekumele ngigijime odokotela nezinyanga? Akuwena Mah owangifundisa ukuthi abantwana yisipho esivela kuNkulunkulu?"
"Yebo kunjalo kodwa phela siyabadinga abazukulu, ungakhohlwa ukuthi uwu vusimuzi kunesizathu waqanjwa lelogama. Umuzi awuvuswa umfazi kuphela kodwa uvuswa ukuthi kugijime abantwana egcekeni"
"Ngiyakuzwa Mah kodwa ngicela kulona kube yimina ozithathela izinqumo. Ngaphambili ngikuvumelile wangithathela izinqumo ngoba ungabafuni abafazi ebengishadelwe yibona, uMaNcube ngiyamthanda. Ngiyazi nawe Mah uyamthanda, ngiyacela unginike ithuba sizobathola abantwana njengoba sengizohlala lekhaya sonke isikhathi"
"Ngiyezwa ndodana, asithembe ukuthi kuzobanjalo. Yena uMaNcube ubukeka eyingane ephuma ekhaya eliqotho, ngiyazi uyokuzela abantwana ngelinye ilanga. Kodwa uma kuphela lonyaka engakhulelwe kuhle mfanawami uzinuke amakhwapha, kusangenzeka inkinga ayikho komakoti kodwa ikuwena"
Ngizwe ukuthi inkulumo yabo seyiyaphola, ngiqhamuke sengizilula ngizamula kakhulu.
"Haaaaah hau senibuyile, kanti yisikhathi sini manje. Ngivele ngazumeka ngithi ngiyaphumula ekamelweni"
"Mhlampe uzongenwa umkhuhlane, ngiyaqala ukubona ulale emini" kusho uVusi.
Athule nje uMaKhumalo ahleke kancane, ngibone ukuthi uyasola ukuthi indodana yakhe isibekile isisu. Kanti vele nami inhloso yami ngifuna asole ukuze ezoyeka ukulokhu egqugquzela uVusi ukuthi akaye kudokotela.

COMMENTS

Jina

ENGLISH STORIES,3,IMFIHLO,5,IMFIHLO PART 1,1,IMFIHLO PART 2,1,IMFIHLO PART 3,1,IMFIHLO PART 4,1,IMFIHLO PART 5,1,ZULU STORIES,10,
ltr
item
stori 24: IMFIHLO PART 6
IMFIHLO PART 6
https://4.bp.blogspot.com/-OU8U_kRF_qg/WRf0JA3dLXI/AAAAAAAAAZM/J3TO-fjCOasQl2S8Rt-sMb8TP8k30xXPgCLcB/s640/B6.PNG
https://4.bp.blogspot.com/-OU8U_kRF_qg/WRf0JA3dLXI/AAAAAAAAAZM/J3TO-fjCOasQl2S8Rt-sMb8TP8k30xXPgCLcB/s72-c/B6.PNG
stori 24
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-6.html
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-6.html
true
4610894638462518399
UTF-8
Loaded All Posts Not found any posts VIEW ALL Readmore Reply Cancel reply Delete By Home PAGES POSTS View All RECOMMENDED FOR YOU LABEL ARCHIVE SEARCH ALL POSTS Not found any post match with your request Back Home Sunday Monday Tuesday Wednesday Thursday Friday Saturday Sun Mon Tue Wed Thu Fri Sat January February March April May June July August September October November December Jan Feb Mar Apr May Jun Jul Aug Sep Oct Nov Dec just now 1 minute ago $$1$$ minutes ago 1 hour ago $$1$$ hours ago Yesterday $$1$$ days ago $$1$$ weeks ago more than 5 weeks ago Followers Follow THIS CONTENT IS PREMIUM Please share to unlock Copy All Code Select All Code All codes were copied to your clipboard Can not copy the codes / texts, please press [CTRL]+[C] (or CMD+C with Mac) to copy