IMFIHLO PART 10

Imfihlo 10 "Mageba kuzongena uVusimuzi noma uMa..." Ngiphelelwe umoya esevele washuda ngophondo, ngikhamise ewuphisela roughly...


Imfihlo 10
"Mageba kuzongena uVusimuzi noma uMa..." Ngiphelelwe umoya esevele washuda ngophondo, ngikhamise ewuphisela roughly aze angipanse izinqa. Namhlanje ngiyapanishwa qobo, akusemnandi ngazuthi ngingahlala ngimdina zonke insuku.
Angiphendule angilalise ngomhlane, imlenze ibheke phezulu. Ngisekulo ikhona, imlenze sengiyibeke emoyeni yagaxela emahlombe waZulu, uMageba usevele wabhekana nentombazane. Aphinde awubusheke ngize ngival umlomo ngesandla sekuthi angimemeze kakhulu, ngimtshene kumnandi. Angidedele lapho alukhiphe uphondo lwakhe selujuza amafutha, aluthintithe kancane elushayisa kubhotshisi. Angimukezele ithawula nedilozi lami, aphume ayongena kwi shower. Ngizesule bese ngiyagqoka, ngolungilungise umbhede. Kusho ukuthi nginokukhathala, ngivele ngilale ngesisu. Buthi lelele ubuthongo, ngizwe izandla ezintofontofo zingithinta emahlambe.
"Ah Mageba sewubuyile." Ngisho ngiphenduka ngivula amehlo. Ngithuke ngicishe ngizichamele, kanti uVusimuzi akuyena uYise.
"Ya sengibuyile Mawakhe, lukuphethe kanjani usuku lwakho?" Kubuza uVusi emamatheka.
"Lungiphethe kahle kakhulu Babakhe" ngisho ngiziphoqelela kungavumi nokuthi ngikhulume uvalo.
Ngidlala ngomlilo la, namhlanje ngiphunyuke kwimbobo yenaliti. Sekusele kancane sibanjwe makuqhubeka kanje, impela imsebenzi yokungalungi isebenzisana nosathane ukube akanjalo ngabe kade sabanjwa. Kodwa ngingathini ke ngoba phela namhlanje bekuyisenzo saZulu, ewu kodwa kumnandi bo ayikho nami into engingayenza.
Ngivuke ngokushesha ngiyongena ebhavini, ngivulele amanzi ashisayo bese ngifake nensipho. Ngihlale phansi, amanzi afudumele kamnandi. Ngilokhu ngicabanga ngalamanyala engiwenzayo.
"Mmmmh ay ngeke lokwenza kwami kuzongiqedela lomendo ebengithi ngiyawuvikela, kusukela namhlanje kuzomele ngishitshe ukwenza. Noma ngabe kumnandi kangakanani ebesikwenza kodwa kuzomele ngikuyeke manje, kuzomele ngibheke isithombe esikhulu. Lomendo uyikho konke kumina, ngijuluke kakhulu ukufinyelela la, ngingaba yini ke sewungilahlekela" ngikhuluma ngedwa ngihleli ebhavini. Ngiphulule umkhaba wami othwele ingane yaBabezala wami, ngifikelwe inyembezi mangicabanga ukuthi iyokwenzanjani ingane yami mase ithola iqiniso.
Ngiphume ebhavini ngisule umzimba ngigqoke i-gown, ngibuyele ekamelweni ngiyogcobisa into yokuthambisa. Ngilokhu ngizibuka kwi-dressing table, cha umzimba wami muhle kakhulu njengoba ngizithwele nje, yazi ngiyacwebezela inkosi impela.
Embhedeni kuhleli uVusi, ngilokhu ngibhushuzela lekamelweni ngimenzela umbukiso wonobuhle. Mangithi ngiyambheka akanginakile uzicofela ifone yakhe, akangizwa noma sengithi ngiyamxoxisa. Kuvele kuthi xhifi, ngiyazisa engabe ubani lesfebe esithathe inhliziyo yaVusi. Akasanginakile kusukela kwavela ukuthi ngikhulelwe, kungenzeka yini ukuthi kukhona akwaziyo? Ngiqale ngiphatheke kabi manje, ngingabuye ngenzeni ke ngoba phela akasho lutho yena. Mhlampe kumele ngilinde ngibone ukuthi uzokwenza kanjani, makethule nami ngizothula kodwa kumele ngithole iqiniso ngalento yaVusi. Obviously usentombi entsha, okungisalele nje ukuthi ngithole ubufakazi kuphela.
"MaNcube ngisaphuthuma ehhovis kukhona into ephuthumayo engiyilibele ebekumele ngiyenze namhlanje, ngizobuya esikhathi esingangehora." Esho esukuma ethatha izikhiye zemoto.
"Yazi bengithi sizohamba sobona indlu engiyitholile, kodwa ke akusenani soqala ehhovisi lakho bese sidlulela la engifuna siye khona."
"uzohlala wenzeni njengoba ngizobe ngi busy? Kungcono ngibuye ngikuthathe mase ngibuya kungcono lekhaya kukhona ozobe ukwenza kunokuhlala ehhovisi lami, ungibukele ngisebenza."
Ngizame ukumncenga kodwa kubenhlanga zimuka nomoya, kungicacele kukho into angifihlela yona. Ngibone kungcono ngimyeke ahambe bese ngimlandele kancane. Nangempela aphume abheke ngasehhovisi lakhe uVusi, afike ame ngaphandle kodwa. Emumva kwesikhashana kuqhamuke imoto ifike ipake eduze kwakhe. Angiboni kahle langimise khona imoto ngibone kungcono ngiphume emotweni ngisondele ukuze ngibone kahle, mhlampe ngizozwa nokuthi bakhuluma ngani. Futhi ke akubonakali ukhuluma nobani. Nginyonyobe ngize ngibhace ngekhona, angikukholwanga engikubonayo.

COMMENTS

Jina

ENGLISH STORIES,3,IMFIHLO,5,IMFIHLO PART 1,1,IMFIHLO PART 2,1,IMFIHLO PART 3,1,IMFIHLO PART 4,1,IMFIHLO PART 5,1,ZULU STORIES,10,
ltr
item
stori 24: IMFIHLO PART 10
IMFIHLO PART 10
https://1.bp.blogspot.com/-Fe5rSoJpSwE/WRf3oXqI7NI/AAAAAAAAAZ4/J9vws0rVsGYs9JvVf6sghbbuNV2-_NRfgCLcB/s640/b10.PNG
https://1.bp.blogspot.com/-Fe5rSoJpSwE/WRf3oXqI7NI/AAAAAAAAAZ4/J9vws0rVsGYs9JvVf6sghbbuNV2-_NRfgCLcB/s72-c/b10.PNG
stori 24
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-10.html
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-10.html
true
4610894638462518399
UTF-8
Loaded All Posts Not found any posts VIEW ALL Readmore Reply Cancel reply Delete By Home PAGES POSTS View All RECOMMENDED FOR YOU LABEL ARCHIVE SEARCH ALL POSTS Not found any post match with your request Back Home Sunday Monday Tuesday Wednesday Thursday Friday Saturday Sun Mon Tue Wed Thu Fri Sat January February March April May June July August September October November December Jan Feb Mar Apr May Jun Jul Aug Sep Oct Nov Dec just now 1 minute ago $$1$$ minutes ago 1 hour ago $$1$$ hours ago Yesterday $$1$$ days ago $$1$$ weeks ago more than 5 weeks ago Followers Follow THIS CONTENT IS PREMIUM Please share to unlock Copy All Code Select All Code All codes were copied to your clipboard Can not copy the codes / texts, please press [CTRL]+[C] (or CMD+C with Mac) to copy