IMFIHLO PART 7

Imfihlo 7 Indlela uVusimuzi abekhuluma ngayo noMawakhe engivikela, ingenze ngizisole ngokungathembeki kuyena. Kanti yini mina engiyifunay...

Imfihlo 7
Indlela uVusimuzi abekhuluma ngayo noMawakhe engivikela, ingenze ngizisole ngokungathembeki kuyena. Kanti yini mina engiyifunayo? Uyangithanda uVusi ngendlela emangalisayo, futhi wangenza umfazi wakhe kodwa mina ngavumela ukulingwa uyise ngalala naye, namhlanje angisakwazi ukuphila ngaphandle lokulala noYise. Kungani mina ngibe buthakathaka ngavumela usathane angenzise amanyala amangaka? Kodwa ngiyazikhohlisa nje ukube angivumanga ukulala noZulu bewuzongilahlekela lomendo, sengiyabona nkosi yokulunga sengilahlekelwa yilomcebo esengiwusebenzele kangaka.
Kuzomele ngizame ukuzibamba, ngiyeke ukubhayiza manje. Okubalulekile ukuthi ngenze uVusi angasangabaza ngokungazitholi ingane, kuzomele ngisheshe ngimazise ukuthi ngazuthi sekuvele kwaba khona owesithathu ozayo. Ngiyazi kuyomjabulisa kakhulu lokho akhohlwe yonke into, lapho ke mina ngobe sengizakhele uthando olumangalisayo kuyena kanye noMamezala uMaKhumalo.
"Awu wadla Thabie ungasaqali" ngiphahluka ngikhuluma ngedwa.
"Angizwanga sthandwa sami?" Kubuza uVusi elele eceleni kwami.
"Angisho lutho Mageba omuhle, into ngiyazibuza kungani unake le-cellphone yakho? Ngibe ngikhona leduze kwakho."
"ukube uyazi wena Nkosikazi bengibheka ama result ebhola lephonini, kodwa sengiqedile sengizonaka wena"
Yazi umuntu avele akukhohlise nje ubhekile, noma kungathiwani uVusi kukhona lomuntu amnakile omxoxisayo efonini. Kokwala kancane lakade ehlala khona engashiyanga okuyisifetshana abechitha ngaso isizungu, lapho nginandabani ke ngoba washada nami abanye basala kanjalo abanye.
Ayibeke eceleni ifone, kube ngiziyalile ke ngabuza. Phathaphatha useyangiphuthalaza ufuna ukwenza lenzululwane yakhe yocansi, ngimvumele nje engathi ngiyajabula. Aqede aze azincome uyobona ukuthi uzitshena ukuthi usenze omkhulu umsebenzi eselele ebheke phezulu eceleni kwam, ngivele ngizilalele.
Ekuseni nge-Saturday ngivuke ngilungele ukuya emsebenzini, uMaKhumalo noZulu basalele ngoba abasebenzi ngama weekend. Namhlanje yimina kuphela umuntu osebenzayo, ngivuke ngedwa ekhishini angiphazamiswa lutho. Ngihambe uVusi engakavuki. Ngizosheshe ngiphume namhlanje, kumina noZulu elamanqamu kuzomele ashayelele isipikili sokugcina kunini engincisha isonto lonke elokhu ephambana nami emuzini wakhe engathi asazani.
Nangempela emini ngithole i-call ephuma kuZulu, ngimtshene ngizophuma ngo 12:00 emini. Sivumelane ngokuthi sizoficana endlini le anginika ukhiye wayo. Siqede ukukhuluma ngingabe ngisasebenza kakhulu phela kumele ngonge amandla, akadlali uZulu. Uma engithole kahle angiqeda umoya, angilazi ikhehla elinolaka kanje, mcm futhi uyachatha nje ayikho lento yakhe. 😞 mhlampe ngozala ingane ethanda imvelo nje 😂, phela kuthiwa ingane eyakhiwe ngebhiza ivele ithande ukuhlala ngaphansi kwesihlahla 😞 ithanda amaqabunga lawa ayakha.
Ngiphume emsebenzini nginikele kuleli flat laZulu, akuphelanga sikhathi esingakanani watheleka noZulu. "Yazi bese ngikukhumbule kanjani" esho engiphuthuma, lingiphuthume ikhehla liyongiphosa embhedeni.
Sesiqedile ngilele ngomhlane ngiyazibuza, elabani leli flat. Ngicabange ukubuza kodwa ngibuye ngizikhuze, kuhle ngizithulele ngijabulele lesikhathi ngoba sizobuye siphele.
"MaNcube ngithanda sibonisane ngezinto ezincane eziyingozi"
"Ngilalele Mageba" ngivuka ngihlala ngezinqa.
"Ngiyazi imizwa ibuye isenze sidideke, kodwa ngiyacela uma sihleli nabantu ungaphinde wenze lento yokungena ngaphansi kwetafula. Kahle kahle ngicela singawenzi umkhuba uma kukhona uMaKhumalo noVusimuzi, ngabe kungcono uma sebelele"
"Ngiyezwa Mageba ngiyaxolisa ngeke kuphinde kwenzeke"
"Enye into akumele sibhayize silokhu sibonakala ndawonye, kuzomele sibe nohlelo esizobonana ngalo. Angithi inhloso yethu ukuthi sivuse umuzi wakho angakuxoshi uVusimuzi, uma senza noma kanjani Kobe kufana nokuthi siyadlala ngoba mawungabanjwa kochitheka gula linamasi"
Sengilokhu ngivuma nje ngingaphiki lutho, uyakhuluma nje uZulu ngiyazibuza. Uma esenemithetho eminingii kanje kungani enza lamanyala kumfazi wendodana yakhe, kuyimanje uqeda kulala, kodwa usengitshena okumele ngikwenze nokungamele ngikwenze. Mina angikaze ngimbekele mibandlela, kanti ngiyini mina angiyena umuntu?
"Ngicela ukubuza lokhu esikwenzeyo kuzokwenzeka kuze kube yinini? Mhlampe bewufuna kuzwa I taste bese uyadlula nje, ngicela ungitshene iqiniso, ngingalibali ukulokhu ngizikhohlisa"
Athule uZulu engaphenduli, ngimbuke gqo ezinhlavini zamehlo. Ngifuna ukumuzwa kahle uzoqamba amanga athini.....

COMMENTS

Jina

ENGLISH STORIES,3,IMFIHLO,5,IMFIHLO PART 1,1,IMFIHLO PART 2,1,IMFIHLO PART 3,1,IMFIHLO PART 4,1,IMFIHLO PART 5,1,ZULU STORIES,10,
ltr
item
stori 24: IMFIHLO PART 7
IMFIHLO PART 7
https://3.bp.blogspot.com/-u9Zz21nQoGo/WRf1WZuGnoI/AAAAAAAAAZY/yIJFQB9s7TArf_RY-I6CkrfjFXEYJkhvQCLcB/s640/B7.PNG
https://3.bp.blogspot.com/-u9Zz21nQoGo/WRf1WZuGnoI/AAAAAAAAAZY/yIJFQB9s7TArf_RY-I6CkrfjFXEYJkhvQCLcB/s72-c/B7.PNG
stori 24
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-7.html
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/
http://stori24.blogspot.com/2017/05/imfihlo-part-7.html
true
4610894638462518399
UTF-8
Loaded All Posts Not found any posts VIEW ALL Readmore Reply Cancel reply Delete By Home PAGES POSTS View All RECOMMENDED FOR YOU LABEL ARCHIVE SEARCH ALL POSTS Not found any post match with your request Back Home Sunday Monday Tuesday Wednesday Thursday Friday Saturday Sun Mon Tue Wed Thu Fri Sat January February March April May June July August September October November December Jan Feb Mar Apr May Jun Jul Aug Sep Oct Nov Dec just now 1 minute ago $$1$$ minutes ago 1 hour ago $$1$$ hours ago Yesterday $$1$$ days ago $$1$$ weeks ago more than 5 weeks ago Followers Follow THIS CONTENT IS PREMIUM Please share to unlock Copy All Code Select All Code All codes were copied to your clipboard Can not copy the codes / texts, please press [CTRL]+[C] (or CMD+C with Mac) to copy